Isonto le-17 leNkathi yoNyaka – A

Mahlabathini, 26.07.87

USolomoni wacela ukuba athole ukuhlakanipha ukuze azi konke ngokufaneleyo. Thina-ke asikusweli lokho kuhlakanipha okungakho ukuze siqonde ukuthi ekutholeni uthando nombuso kaNkulunkulu sesifumene igugu elidlula konke. Leli Misa lanamhlanje siligcina ngenjabulo yokubona leliqiniso.

Bafowethu nodadewethu abathandekayo,

Impilo iya ngokuba nzima manje, akunjalo?

Malini okudingeka siyikhiphe ukuze sithole ukudla nezidingo zethu njalo njalo!

Kodwa akwanele!

Kwezinye izikhathi sidinga izingubo nokuthi sikhande ezinye izinto, noma izingane zidinga imali yesikole.

Ziningi izizathu ezisenza ukuba sikhokhe njalo njalo!

Kwezinye izikhathi asazi ukuthi singayithola kanjani imali yokukhokhela izidingo zethu.

Kodwa siyakhokha ngoba sisuke sizidinga.

Abanye bethu bakhokha ngezigaba ngoba kudingekile.

Ngemali esiyidingayo, abanye bethu basebenza ngaphansi kwabantu njengabaqashwa babo.

Ngakho-ke sichitha isikhathi sethu esiningi, amandla nemali yethu ukuze sikwazi ukuphila.

Impilo ekufanele ngokwanele!

Uxolo, ngisacela ukubuza ukuthi yini oyizamayo ukuze uthole impilo yaphakade, ukuze ungene embusweni kaNkulunkulu?

Angisho umnikelo – noma ningabanye balabo abacabanga ukuthi…

…amasentshana ambalwa anele umsebenzi weBandla nombuso kaNkulunkulu na?

Kanti futhi angisho imali yesondlo – noma ningabanye balabo abacabanga ukuthi iBandla lingafeza izidingo zomphakathi ngaphandle kwemali ebeseninganaki nje?

Cha, ngicabanga ngokuningi ngaphezu kwalokho.

Kungaba lula kakhulu, ikakhulukazi kwabacebile, ukubona ukubaluleka kwethu ngokombuso kaNkulunkulu ngokunikelela iBandla.

Cha, kodwa kuyisibonakaliso ukuthi abantu abaningi bafuna imali yabanye abantu.

Ngiyacabanga ukuthi umbuso kaNkulunkulu mkhulu kakhulu kithina.

EVangelini uJesu uwuqhathanisa nomcebo kanye negugu; abantu banikela ngakho konke abanakho ukuze bawuzuze.

Okholweni lwethu akusikho nje kuphela ukuthi sithengela lapho okushibhe khona.

Uma singathola uthando olwanele kuNkulunkulu olulingene umnikelo, isondlo, imithandazo noma ukuvakashela ezinkonzweni.

UNkulunkulu ungumnikazi wothando, noma inja ethulayo uma uyiphosela ukudla?

UNkulunkulu akayifuni imali yethu.

UNkulunkulu akafuni nje kuphela imikhuleko.

UNkulunkulu akafuni lokhu nalokhuya kithina.

Kodwa uNkulunkulu ufuna wena uqobo.

UNkulunkulu ufuna wena kuphela!

UNkulunkulu akasinikanga lokhu nalokhuya.

Kodwa wasinika yena uqobo lwakhe ngoJesu Kristu, owazinikela…

…esiphambanweni ngokufa kwakhe ngenxa yokusisindisa.

Impendulo yokholo lwethu ukuthi kufanele sizinikele kuNkulunkulu, futhi sihlalele ukuzinikela ngobuthina kuye.

Uma siphilela uNkulunkulu kufanele sihlale sifuna yena nentando yakhe.

Uma siphilela uNkulunkulu sizama kakhulu ukugcina imithetho yakhe ngoba isikhombisa indlela nothando.

Uma siphilela uNkulunkulu sizama ngamandla ethu onke ukuthi iBandla lingafeza izidingo zalo ngeminikelo yethu nokuzisiza thina ngemisebenzi ehlukene yeBandla.

UJesu iNkosi wakhokha ngempilo yakhe ukuze sisindiswe.

Ngiyacabanga ukuthi akufanele kube kuncane kunempilo yethu.

Kufanele siphile impilo yethu njengomnikelo kuNkulunkulu nakubo bonke abantu abadinga uthando nosizo lwethu.

Umvuzo uNkulunkulu asinika wona awungaphansi kwegugu nomcebo empilweni, kepha impilo yaphakade kanye noNkulunkulu uqobo lwakhe.

Amen.